Tuesday, 23 October 2012

Bathandazela ithambo labamukile


IMINDENI yothisha abathathu baseNquthu abanyamalele ngemuva kokuthi imoto abebehamba ngayo imuke nomfula ngoMgqibelo ntambama ithandazela ukuthola amathambo abo ukuze ikwazi ukubafihla ngesizotha.
UMnuz Mdu Ngobese, umfowabo kaMnuz Sizwe Ngobese, omunye wothisha abathathu abaminzile emfuleni iNondweni, uthe bakhuleka ubusuku nemini ukuthi bagcine bezitholile izidumbu.
“Sizoqhubeka nokuzithungatha izidumbu zabo size sigcine sizitholile. Okusiqinisa idolo wukuthi asemaningi amaphoyisa asejutshwe ukuthi azothungatha aqhamuka nakwezinye izindawo ezingomakhelwane neNquthu,” kusho uNgobese.
UNgobese uthe bafisa ukuthi amaphoyisa ahlinzekwe nangendiza enophephela emhlane ukuze umsebenzi wawo ubelula.
“Umfula ngendlela omkhulu ngayo akulula ukuthi umsebenzi wenzeke kahle ngoba nezinja kukhona lapho zingangeni khona.” Uthe ayikho into ebuhlungu edlula ukushonelwa yilungu lo mndeni kodwa ungakwazi ukulingcwaba ngoba ithambo lalo lingatholakali.
Nayizolo le mindeni namaphoyisa ibisaqhubeka nokuthungatha ilanga laze lashona isankanise emfuleni.
UMnuz Sizwe Ngobese noMnuz Sabelo Buthelezi bebefundisa eMthashana FET College eNquthu, uMnuz Phakamani “Parks” Sikhakhane efundisa eMagogo Primary School.
Kuthiwa bebephuma emcimbini obuwenziwe nguthishanhloko waseMagogo ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayelwa nguSikhakhane imuka nomfula.
Imoto yona isitholakele.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, usedlulise amazwi enduduzo emndenini yalabo thisha.
“Labo thisha kukholakala ukuthi baminzile yize izidumbu zabo zingakatholakali ngemuva kokuthi imoto abebehamba ngayo ithathwe amanzi,” kusho uMchunu.
UMchunu uthe bayayikhulekisa imindeni ngalesi sikhathi esinzima.

No comments:

Post a Comment