Tuesday, 30 October 2012

Sitholwe yingane isidumbu sikathisha owamuka nabanye

Sitholwe yingane isidumbu sikathisha owamuka nabanye


NOKUBONGWA PHENYANE
SITHOLWE yingane ebizowela umfula iMfolozi ngaseGluckstad isidumbu sikathisha oyedwa kwabathathu abamuka nomfula iNondweni ngoMgqibelo odlule bebuya emcimbini imvula iyidliva.
Le ngane okuthiwa ibone isidumbu somuntu yadlulisa umbiko emaphoyiseni wona abe esethinta awaseBabanango okuyiwo afike nomdeni wazohlonza isidumbu.
Isidumbu sikaMnuz Sabelo Buthelezi esitholakale sintanta emanzini sesonakele njengoba bekunguyena kuphela obengakatholakali.
Othisha ababili ababehamba noButhelezi okungoMnuz Phakamani “Parks” Sikhakhane noMnuz Sizwe Ngobese izidumbu zabo zatholwa ngeledlule ngamalungu emindeni yabo ebivuka njalo ekuseni iyobabheka.
Ngokusho kukamfowabo kaButhelezi, uMnuz Nduduzo Buthelezi, sebezolala nobuthongo ngokutholakala kwesidumbu sikamfowabo abebevuka njalo ekuseni beyomfuna.
“Sijabulela ukuthi sizolikhomba ithuna lakhe ukuthi likuphi. Simangele khona simthola kude kangaka nokukhombisayo ukuthi umfula wawunamandla njengoba iMfolozi ikude kakhulu kodwa ukumthola kuyasijabulisa,” kusho uButhelezi.
Uthe yize umfowabo ebesemoshakele njengoba kubonakala ukuthi wayehamba eshayisa ematsheni kodwa bakwazile ukumhlonza emakhazeni.
“Bese sazi ukuthi yena ushonile kodwa ithemba besingalilahli, besivuka njalo ekuseni siyobheka emfuleni,” kusho yena.
Uthe badumele ngokusebenza kwamaphoyisa aseBabanango, bathi awakaze afike nangelanga elilodwa emfuleni la kwenzeka khona lesi sigameko kodwa imindeni yomithathu ibizihlalela yodwa ibheka.
Imvula eyacekela phansi izitolo ezinkulu, amanzi angena nasesibhedlela, iCharles Johnson Memorial, yadala omkhulu umonakalo.

No comments:

Post a Comment